UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Khumbudzo Ntshavheni uthe abantu kumele babheke ukuthi izipaza zibhalisiwe yini ukuthi ziqhube amabhizinisi abo.
Ubekhuluma esithangamini seKhabhinethi ngemuva kokwethulwa kwezikhalazo mayelana nezokuphepha ezidalwe ngokushona kwezingane ezinhlanu okusolakala ukuthi zidle ukudla okulula okuthengwe espaza eNaledi, eSoweto.
UNtshavheni uthe abantu kumele baziqhelelanise namabhizinisi ababona sengathi adayisa izinto ezingaphephile.
“Abantu baseNingizimu Afrika, uma beya ezitolo ezingamaSpaza Shops, kumele bacele ukubona izitifiketi zokubhalisa ezisemthethweni ngaphambi kokuthi bathenge. UMnyango wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane usaqhubeka nokusebenzisana nomasipala ukuqinisekisa ukuthi ziyahlolwa izipaza.”