Inkunzi yomuculi kamaskandi kuleli umthandeni Manqele obuye aziwe ngeGcokama Elisha uthi useyaphuma ekuthukaneni nabanye abaculi.
UMthandeni ubekhuluma nentatheli yeSelect Africa TV eqeda ukucula emcimbini weqembu i-EFF obuseMoses Mabhida ngempelasonto. uMthandeni SK uthi usezogxila ekukhipheni umculo othandwa ngabantu futhi akhulise igama likaMthandeni SK akhohlwe elikaGcokama elisha,”Mfwethu abantu njengamanje sebeshintshe kakhulu, abasayingeni indaba kamathukana kwabaculi bafuna ingoma nje emnandi. Lengoma iParis ingikhombisile ukuthi iluphi uhlobo lomculo okumele ngigxile kulo futhi ingivulele amathuba amaningi. Ungibona nje ngibizwe kwiBig Brother ngenxa yayo lengoma,” kusho u-SK

Ukuqinisekisile ukuthi kulonyaka uzokhipha i-Album eyodwa okuyi Album kaMthandeni SK, iGcokama Elisha akezukulikhipha,”Mina ngithathwa njengomculi wesibili omkhulukazi kuleli emva kukaShwi Nomtekhala. Kuyaqala emculweni kamaskandi ukuthi ingoma ithengise iMulti-Platinum, ngisho nakuleminye imiculo abathi ingcono akwejwayelekile.”