Isisuse umsindo ivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana yelunga lephalamende le-DA elisha sha uRenaldo Gouse.
UGouse ubonakala kulevideo edemelayisa ethi,”Kill the Kaffir, kill the Nigga” kulevideo leli lungu lephalamende leDemocratic Alliance liqhubeka lithi lona lizizwa licindezelekile kuleli njengomuntu omhlophe,”Ngibona engathi thina abamhlophe sicindezelekile kuleli, njengomuntu omhlophe angikwazi ukuqhashwa ngoba ngimhlophe. Kunabantu abacula izingoma ezithi ‘kill the boere’ kodwa abenziwa lutho. Cabanga kungenzekani kimi uma ngingaya emgwaqeni nabanye abelungu ngimemeze ngithi ‘Kill the kaffir!'” kuchaza uGouse.
UGouse ube ngundaba mlonyeni ngesikhathi evela ohlwini lwabaya ephalamende leweqembu le-DA. Iningi labasebenzisi benkundla yokuxhumana i’X’ baveze ukuthi vele lo mlisa uyabazonda abantu abamnyama, ngakho akumele neze ukuthi abe yingxenye yamalungu ephalamende. Basho lokhu nje bebe beveza imiyalezo yakhe emidala lapho ayekhuluma kabi ngabantu abamnyama.
Iqembu lakhe iDA ib ingakaphawuli ngaloku kuqubuka kwaleVideo.
Bheka ivideo ngezansi:
Renaldo Gouws used the N and K-words but heβs still a member of South African Parliament. Where are clever blacks who were defending him? πππpic.twitter.com/PIRUuWtDHF
— γ O R I (@Ori_RSA) June 19, 2024