Kusukela kuqala inyanga kaZibandlela umnyango wezokuthutha utshale amaphoyisa omgwaqo kuyo yonke imigwaqo yalesi sifundazwe ukuqinisa ezokuphepha kulamaholidi kaDecemba.
Loluhlelo libonakala lithela izithelo njengoba kuze kube manje sekuboshe abashayeli bezimoto ababalelwa ku 241 ngokushayela ngesivinini eseqile, abangu 18 ngokushayela bephuzile, 74 abangenazo izimvume zokuba semgwaqeni(permits), 12 Mini Bus abalayishe ngokweqile, Abashayeli abangu 54 abangenazo izincwadi zokushayela nabanye.
Okhulumela lomnyangu uMnu Kwanele Ncalane uthi bengumnyango bazoqhubeka bankanise sonke isfundazwe ukuze bezohlola konke kubashayeli , banxusa ukuthi abashayeli baqikelele ukuthi basesimeni esihle sokuthutha abagibeli ukugwema izingozi.