Ungqongqoshe omusha wamaphoyisa kuleli ufunge wagomela ukuthi uzothatha izinyathelo ezinqala ukulwa nobugebengu. Senzo Mchunu uthi izinga lobugebengu liphezulu ngendlela engabekezeleleki.
“Ubugebengu obuhamba phambili ezweni njengamanje ubugebengu bokuxhumana obufana nokubulala nokudlwengula, ukuduna izimoto nokuthumba ukuze ukhokhelwe.
“Ukubulawa kwabesifazane nezingane kusaqhubeka nokukhathaza kakhulu futhi kumele abomthetho bathathelwe izinyathelo ezinqala. Kungalesi sizathu sithi kuzoba nezimo lapho sizothatha khona izinyathelo ezinqala njengoba siya phambili.”
UMchunu uveze izinto ezibalulekile kulo mnyango esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.
Uthi bazothatha izinyathelo ezinqala ukunqanda ubugebengu.
“Inhloso yethu icacile: izwe lethu kumele liphephe kuzo zonke izakhamizi. Abantu eNingizimu Afrika yonke kumele bakwazi ukuhamba noma nini ngaphandle kokwesaba izigebengu.”