UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana ukuqinisekisile ukuthi ngeke asule esikhundleni kulandela ukuhoxiswa kukahulumeni kwesiphakamiso sokunyusa iVAT ngo-0.5% yize ingcindezi yezepolitiki ikhula. Ukunyuswa kwe-VAT bekulindeleke ukuthi kuqoqe imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R75 ukuze kubhekwane nokushoda okukhulu kwesabelomali kodwa kwabhekana nokuphikiswa okuqinile okuvela kumadlelandawonye kanye nezinhlangano zomphakathi, nokuholele ekuhoxisweni kwayo.
UGodongwana usivikele isiphakamiso sokuqala, wathi kufanele kwandiswe imali etholwa uhulumeni futhi kweseke imigomo ebalulekile yezimali. Uxwayise ngokuthi ukubuyisela emuva lokhu kunyuka kuzoba nomthelela omubi ekuzinzeni kwezimali zezwe futhi kubambezeleke imizamo yokunciphisa ukushoda kwesabelomali.
Njengoba uhlelo lwe-VAT lusuliwe, sekuvele igebe elikhulu esabelweni sezimali sikazwelonke. UGodongwana uthe uMnyango wezeziMali ususebenza ngohlaka lwezimali olubuyekeziwe oluhambisana nenani lemali engenayo kanye nemikhawulo esetshenziswayo. Ugcizelele ukubaluleka kokwethula isabelomali esithembekile ukuze kuqinise abatshalizimali idolo futhi kugwenywe ukwehliswa kwezilinganiso zezikweletu.
Yize kuthiwe ehle esikhundleni, uGodongwana usagxile ekuholeni izwe ezinkingeni zomnotho. Ukholelwa ukuthi indlela elinganiselayo nenengqondo ibalulekile ukuze kugcinwe ukuziphatha kahle kwezimali kuyilapho kubhekwana nezidingongqangi zezenhlalo nezomnotho ngaphansi kwezimo ezinzima.