Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, uyazi ukuthi ukushaya iMorocco, engenye yeqembu eliyizintandokazi ku-Afcon, kuzoba wumqansa kodwa lomqeqeshi waseBelgium usenethemba lokuthi i-SA izolihlula leli zwe elikleliswe kuqala e-Afrika.
Ukubona izingwazi ezifana ne-Egypt, Ghana, Tunisia neCameroon neSenegal ziphuma kulo mqhudelwano ezandleni zezimfivilithi yikhona okwenza uBroos akholwe ukuthi iBafana ingenza izimanga. Lo mqeqeshi uphinde abheke ukuthi bashaye i-Atlas Lions ngoJuni odlule. La maqembu womabili azotholana phezulu koweLast 16 ye-Afcon eLaurent Pokou Stadium, eSan Pedro namuhla (10pm SA).
“Siyawazi umsebenzi onzima osilindile. I-Morocco ikunombolo-1 e-Afrika, njengoba iphinde yenza kahle eNdebeni yoMhlaba,”’ kusho u-Broos esithangamini nabezindaba enkundleni yomdlalo izolo.
“Iqembu labo ligcwele abadlali abasezingeni eliphezulu. Kuzoba nzima kakhulu kodwa ngakolunye uhlangothi, le-Afcon igcwele izimanga njengoba sesibone amazwe ambalwa amakhulu esebuyele ekhaya. Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule iCameroon yakhishwa, ngakho-ke kungenzeka ukuthi siyishaye iMorocco.
“Okwesibili, sishaye iMorocco ngoJuni eGoli, lapho sidlale khona umdlalo omuhle kakhulu. Lokho kusenza sizikholelwe… kungenzeka sinqobe iMorocco kusasa [namuhla kusihlwa] kodwa kuzofanele senze okusemandleni ethu ukuze senze esinye isimanga kule Afcon.”
Umdlali wasesiswini weBafana, uSiphephelo Sithole, uphakamise ukuthi nayo iMorocco ngeke ibe lula, wagcizelela ukuthi kumele bazimisele ukuze benze izimanga. “Wonke umuntu uyazi ukuthi umdlalo uzoba nzima kuwona womabili amaqembu kodwa ngicabanga ukuthi uma singazimisela sizokwazi ukuthola umphumela omuhle kakhulu. Kufanele futhi sisebenzisane njengeqembu,” kuphawula uSithole.
UBroos uphinde waveza ukuthi uKhuliso Mudau noMothobi Mvala bazohlolwa sekwephuzile ukuze babone ukuthi bazoba khona yini ngemuva kokuthola amaphuzu amathathu emdlalweni wokugcina, bedlala ngokulingana neTunisia ngoLwesithathu olwedlule.