Umsolwa oneminyaka engu 30 waseMawosi eBergville osolwa kwelokubulala unkosikazi wakhe ngokummuhluza ngesando ubanjwe eGoli izolo.
UZibuyile Dlamini kuvela ukuthi wabulawa ngumyeni wakhe ngesando ekuqaleni konyaka owedlule.
uMyeni owabaleka wayobhaca emva kwalesi sigameko, umkhondo wakhe wawulokhu umkhomba eMpumalanga. Amaphoyisa anza umizamo eminingi yokumthola kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
UMphenyi uSayitsheni Ndlovu akaphelanga amandla njengoba ubesalokhu elandelile efuna umkhondo walona wesilisa. NgoMsombuluko uNdlovu uthi wathola ucingo lumazisa ngomsolwa ukuthi ukhona udla anhlamvana eGoli futhi usathola netoho ngakhona. uNdlovu akachithanga sikhathi wanikela eGermiston eGoli nokuyilapho ebekhonjwe khona umsolwa, nebala uye wamthola waqinisekisa ukuthi nguye ngezithombe.
Umsolwa ube eseboshwa maqede wathunyelwa emaphoyiseni aseBergville, kulindeleke ukuthi avele enkantolo yemantshi eBergville osukwini lwakusasa ngomhlaka 09 kuMfumfu.