Inhlangano ebhekene nokukhokha izinxephezelo zabalimale emgwaqeni i-Roads Accidents Fund (RAF) isimemezele izindaba ezishaqisayo ngabantu abasha abalimala ezingozini zomqwaqo eNingizimu Afrika. Lezi ndaba zimenyenzelwe ile nhlangano embikweni wayo kuleli sonto.
I-RAF ithi ngokombiko wonyaka wezimali ka-2020 kuya ku-2022, kubantu abafaka izicelo zezinxephezelo kuyona u-44% ngabesilisa abasebancane. Ngaleso sikhathi i-RAF ikhokhe imali engu-R43.13 billion kubantu abaneminyaka ephakathi kwe-15 kuya ku-30, abebefake izicelo zokunxeshezelwa ngokulimala kuphela. U-R2.86 Million ukhokhelwe imindeni yalabo obekubikwa ukuthi bashonile. Isiyonke imali ekhokhiwe u-R.568.595.
“Ngokuvamile vele intsha ayiziphathi kahle emgwaqeni, ngakho njalo sithola kuyiyo efaka izinxephezelo zokukhokhelwa esikhwameni”, kusho abalesikhwama.
Kudlula emhlabeni intsha esuke ihamba ngezinyawo kanye nalabo abagitshezwa ezimotweni.
Isikhulu esiphezulu seRAF, uCollins Letsoalo uthi kuyakhathaza ukubona izinga eliphezulu lokushona kwabantu abancane ezingozini zomgwaqo,lezi nombolo zisitshela ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokufundisa abantu abasebasha nabobonke abasebenzisa umgwaqo ukuthi beshintshe indlela abaziphatha emgwaqeni, bese bebeka phambili ukuphepha kwabo.
Le nhlangano ithi imali yabakhokhi bentela eyiqoqayo ngonyaka ingu-R40 billion, kanti lemali ihlanganiswa u-R1.18 othathwa njalo kwi-litre elithelwa ikhasimende emotweni kuzo zonke iziteshi zika-petrol zaseNingizimu Afrika.
Abe Automobile Associatio (AA) bake bekuveza ukuthi uma kungaphuculwa isimo sezokuphepha emgwaqeni kungalekelela ekwehliseni intengo ka-petrol njengoba lokhu kungaphinde kwehlise umthwalo obhekene ne-RAF.
Ngokwe-Parliamentary Monitoring Group, i-RAF ibike ukuthi isebenzisa imali engu-R8.4 billion ebingasenayo ngonyaka wezimali.