UNgqongqoshe Wezasekhaya osanda kuqokwa uLeon Schreiber uthe uzoba ungqongqoshe womnyango ozohlezi u,”Online”
U-Schreiber ubhekise ohlelweni olungathembekile oluvamise ukungaxhumeki ku-inthanethi emahhovisi oMnyango Wezasekhaya, okuholela ekutheni abantu abadinga kakhulu izinsiza bajikiswe.
Ungqongqoshe uthe amagama athi “isistimu engaxhunyiwe ku-inthanethi” azoba yinto yesikhathi esedlule.
“Ngiyazi sijwayele ukwenza amahlaya ngayo. Abantu baseNingizimu Afrika bahle kakhulu ekubhekaneni nalezi zinhlobo zezinto ngokwenza amahlaya ngazo. Ngifuna ukuba ungqongqoshe womnyango ohlezi u-online kubantu bakuleli”
“Iqiniso wukuthi ingqalasizinda ye-inthanethi ehlulekayo wuMnyango wezaseKhaya yinto engalungiswa.”
USchreiber uthe ukubone lokhu njengethuba lokwenza umthelela obonakalayo.
“Okufanele sikwenze wukuthola abantu abanamakhono etafuleni ukuze basisize ekuxazululeni le nkinga ngendlela engeke ibe ibonanza lamathenda.”