Amaqembu aseNingizimu Afrika asesondele ekufinyeleleni esivumelwaneni sokuthi ubani ozothola izikhundla zekhabhinethi, kubike abezindaba ngeSonto, okuyisingqinamba sokugcina sokumisa uhulumeni ngemuva kokuba iqembu elibusayo lilahlekelwe ngamaningi okhethweni okokuqala ngqa eminyakeni engamashumi amathathu.
Iphephandaba iSunday Times kanye nelaseCity bobabili babike ukuthi i-African National Congress (ANC) kaMengameli Cyril Ramaphosa ivumelana kabanzi neqembu elikhulu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA), ngemuva kokuthi leli qembu lihoxise isicelo sokuthatha isikhundla sohwebo nezimboni.
“Sinethemba elikhulu lokuthi kungase kube nesivumelwano ngaphambi kokuphela kwempelasonto,” iSunday Times icaphuna usopolitiki omkhulu weDA uHelen Zille esho kanje.
Womabili amaphephandaba abelindele ukuthi uRamaphosa amemezele ikhabhinethi ngokuhamba kwesikhathi ngeSonto. Abakhulumela izinhlangothi zombili abazange basheshe baphendule izicelo zokuphawula. Inhlangano eyayilwela inkululeko eyaqeda ubandlululo eminyakeni engu-30 edlule yaphoqeleka ukuthi ihlangane ne-DA namanye amaqembu kuhulumeni wobumbano kuzwelonke, ngemuva kokuthola amavoti angaphansi kwengxenye okokuqala ngqa okhethweni lwangomhla zingama-29 kuNhlaba.
Abavoti bethukuthele beveva umlando ongemuhle we-ANC wokulethwa kwezidingongqangi okubalwa kuwo amanzi, izikole nogesi, kanye nokwesweleka kwemisebenzi, ububha nenkohlakalo, balishiya phansi iqembu elasakazwa nguNelson Mandela, balishiya namavoti angama-40%.
Ngisho noma kungafinyelelwa esivumelwaneni ngekhabhinethi, ukungaboni ngaso linye phakathi kwe-ANC neDA kungase kuphazamise ukusungulwa kwemigomo, kusho abahlaziyi.
I-DA ifuna ukuhoxisa ezinye zezinhlelo ze-ANC zokuthuthukisa abantu abamnyama, ithi iningi labo zenze osomabhizinisi abaxhumene nepolitiki bacebe ngendlela exakile kanti iningi labaMnyama lisadla imbuya ngothi. Iphikisana nesifiso se-ANC sokuphuca umhlaba – iningi lawo osezandleni zabamhlophe njengefa lokunqotshwa amakholoni kanye nokubusa kwabamhlophe okugxilile okwalandela – ngaphandle kwesinxephezelo bese kunikezwa abalimi abamnyama. I-DA iphinde ifuna ukucacisa ngenani eliphansi lamaholo aseNingizimu Afrika, okwamanje ahleli ku-27.58 rand ($1.52) ngehora, iphikisa ngokuthi lenza abasebenzi bangakwazi ukuncintisana. ($1 = 18.1850 amarandi)