Amaphoyisa athole ubufakazi bemikhiqizo yezinwele okusolwa ukuthi ingekho emthethweni nezomkokotelo edayiswa ePinetown ezitolo ezidumile nezindawo zokucwala izinwele KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape. NgoLwesibili amaphoyisa agasele emzini oseSomerset Place, lapho kuthiwa ikhiqizwa khona.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eKZN uRobert Netshiunda uthe amaphoyisa abelandela imininingwane mayelana nokuntshontshwa kweContainer eWestmead ngeSonto.
Uthi uphenyo lwabo lubaholele emzini osePinetown, lapho kwatholakala khona ikhonteyna.
“Ngesikhathi amaphoyisa esesha athole ukuthi lo muzi ubusetshenziselwa ukwakha imikhiqizo ehlukene yezinwele.
“Uphenyo lokuqala luveze ukuthi ama-barcodes asemikhiqizweni awomkhiqizo owehlukile ezweni laseNyakatho Melika. Kutholwe abantu ababili bokufika abangenazo izincwadi becashe kusilingi. Kuboshwe abesifazane ababili, oyedwa wabo ongowokufika kuleli.”
Umnikazi womuzi usehlonziwe.
“Lo muzi ungowokufika umfundisi owaziwayo onesonto eMbilo, imoto yakhe ebibhalwe izithombe zakhe nomkakhe, nezithombe zezinhlobonhlobo zemikhiqizo yezinwele, itholwe ipakwe endaweni.
“Amaphoyisa aphinde athola ama-invoice akhombisa ukuthi lezi zinwele zidayiselwe abadayisi abadumile, izitolo nezindawo zokucwala izinwele, ikakhulukazi KwaZulu-Natal nasesifundazweni sase-Eastern Cape. Kumanje kuthungathwa umnikazi womuzi.
“Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-37 ubudala, bazovela eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu.”