UMnu Jacques Pretorius, obewuqweqwev lukathisha wePhysical Science nongumqeqeshi wezemidlalo eLadysmith High School, uquleke washona ngoJuni 21 enkabeni yedolobha laseMnambithi. Kukholakala ukuthi uhlaselwe yisifo senhliziyo endaweni yokupaka ngaphandle kwesitolo esidayisa igilosa i-TFS Wholesalers. Abezimo eziphuthumayo bazamile ukumsindisa kodwa behluleka.
Eziphendulela, isekela likathishanhloko u-Arne Maitland umemezele ukuthi isikole sizovalwa ngoMsombuluko, Juni 23. Izivivinyo obekumele zibhalwe ngalolo suku zihlehliselwe uLwesihlanu, Juni 27. Umphakathi wesikole ushaqekile futhi ucelwe ukuba weseke umndeni wakwaPretorius kulesi sikhathi esinzima.