Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) usuqinise imizamo yokulwa nodlame olusekelwe kubulili nokubulawa kwabesifazane (GBVF), ubophe abasolwa abangu-201 abasolwa ngokudlwengula ezweni lonke ngesonto elilodwa. Kulaba, bangu-56 abebefunwa uthuli ngamaphoyisa.
Phakathi kwamacala ashaqise kakhulu elokuboshwa kowesilisa nowesifazane eBloubergstrand, eWestern Cape, ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi amadodakazi abo, eneminyaka emithathu neyisishiyagalombili. Amaphoyisa ashaqe inqwaba yezinto zokufundisa ngocansi. Laba bashadikazi babhekene namacala ahlanganisa ukudlwengula, ukuhlukumeza ngokocansi, ukufundisa izingane ngocansi kanye nokukhiqizwa kwezithombe ezingcolile zezingane.
Kwesinye isigameko esishaqisayo kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-24 eTonga, eMpumalanga, ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-27 ubudala. Uphenyo lusaqhubeka.
I-SAPS iphinde yabika amacala amaningi amakhulu:
- Umdlwenguli uLesley Mohlala ugwetshwe iminyaka engu-222 ebhadla ejele ePolokwane.
*Owesilisa oneminyaka engu-42 ubudala uthole udilikajele ngokudlwengula ibhungu elineminyaka engu-13 e-East London.
*Owesilisa waseBloemfontein ophume ngoshwele ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-10. - Ugwetshwe udilikajele owesilisa waseLimpopo ngecala lokudlwengula umzala wakhe oneminyaka eyisishiyagalolunye.
I-SAPS ithi isazibophezele ekuvikeleni imiphakathi kanye nokuqinisekisa ubulungiswa kwabasindile.