UKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), uGeneral Fannie Masemola ukwamukele ukuboshwa kukaSergeant oneminyaka engu-43 ubudala osebenzela esiteshini samaphoyisa eLimpopo.
Lo Sayitsheni obesemsebenzini uboshwe kulandela uphenyo olude lukaCaptain Keshi Mabunda ngezinsolo zokuthi ubehlomula ngomgunyathi ngamakhava omngcwabo, ezingozi nama-life policy emabhange ehlukene nasezinkampanini zomshwalense.
Ngokophenyo, waqala lobubugebengu bakhe bokubulala ngo-2019. Izisulu zakhe wayezazi ukuthi ziphuma emakhaya ampofu kanti ezinye zazikhubazekile noma ziphazamisekile ngokwengqondo.
Ubethatha i-life policy kanye nama-funeral cover egameni labo bese kuba nguyena ohlomulayo.
Usayitsheni kulindeleke ukuba avele eNkantolo yesiFunda yasePolokwane ngamacala ayisithupha okubulala kanye namacala acishe abe yishumi nesikhombisa okukhwabanisa ngoLwesihlanu, 11 October 2024.