Inkosi yesizwe sakwaNgobese eNquthu isikhiphe umyalelo ezinduneni zesizwe ukuba zixoshe bonke abokufika abangenazimvume zokuba kuleli lika mthaniya.
Inkosi uThathezakhe Ngobese wakwaKhiphinkunzi eNquthu uthi ube nomhlangano nezinduna zesizwe sakhe lapho bethathe isiqumo sokuthi bahambele zonke izitolo zabokufika kuleli ngenhloso yokuyobheka ukuthi akhona yini amaphepha abagunyazayo ukuthi babe kuleli nokuthi bavumelekile yini ukuthi bahwebe kulelizwe.
“Ngyafisa ukuthi bonke laba abazotholakala benganawo amaphepha izinduna zami namaphoyisa babaxoshe la esizweni sakithi ngeke ngihlale nabantu abangaziwa uhulumeni Mina” kusho uNgobese
Kanti umongameli we National People’s Ambassadors (NPA) uMnuz Nathi Mthethwa uthi kade ayisho le yabantu bokufika kuleli wathi akubanjiswane ukuze kuzophela izigameko ezahlukene ezenziwa abantu bokufika .
Uphinde wabonga kakhulu iNkosi uThathezakhe Ngobese nezinduna zakhe ngesinqumo abasithathile uthi sikhombisa ubuholi obuphindiwe ukuvikela umhlaba wobabamkhulu bakhe nesizwe sobabamkhulu bakhe.
iNkosi uThathezakhe yaziwa ngemithetho njengoba yashaya umthetho othi insizwa eneminyaka 18 nangaphezulu engaganiwe izokhokha uR50 wentela.
Inkosi iveza ukuthi enye into eyenza labantu bokufika bantanase ilabantu abavuma ukubaqashisa ezindlini zikahulumeni zomxhaso yikho sebe bizana bagcwale khona eNquthu.
Inkosi icele umaspala waseNquthu kanjalo nomnyango wezokuhlaliswa kwabantu ukuthi uke uthathe isikhathi uhambele izindlu ozakhile ukuyobheka kusahlala abanikazi yini. Ngoba sekuyabhuza manje eNquthu i labantu bokufika.