Iqembu loMkhonto Wesizwe seliqoke uMervyn Dirks njengoSotswebhu walo omusha wesifundazwe.
Ngesonto eledlule leli qembu limise amalungu alo amathathu eKZN okuhlanganisa nowayenguSotswebhu uMnuz Kwazi Mbanjwa.
Kukholakala ukuthi bamisiwe emsebenzini ngenxa yezinsolo zokuthi banqabile ukuhoxisa izimali zeqembu esiShayamthetho saseKZN.
Ngesonto eledlule iqeqebana labalandeli beqembu lihlangane eNkandla likhalaza ukumiswa kwabo.
USipho Tyira wale nhlangano uthi uSotswebhu omusha uza nolwazi oluningi.
“Uke wasebenza esiShayamthetho sesifundazwe nasephalamende likazwelonke ngesikhathi lithatha ihlandla lesihlanu nelesithupha ngokulandelana.
“Futhi usesebenze ngokuzinikela kuMkhonto weSizwe ikakhulukazi esifundeni uMgungundlovu.”