Iqembu lakuleli le cricket labesilisa elaziwa ngokuthi ama proteas, kumanje liyingxenye yomqhudelwano omkhulu we Cricket oqhubekayo emazweni 2 okuyi
USA Kanye West Indies
Kulomqhudelwano seyidlaliwe imidlalo yokuqala, njengoba izwe ngalinye lizodlala imidlalo emithathu ye sigaba sesibili se Cricket world cup T20 lapho ama proteas edlale kahle khona enqoba ngama runs angu 18 ngenkathi bebhekene ne USA.
Ama proteas iwona a bet kuqala abeka score sika 194/4 (20ov) lapho De Kock enze khona ama runs angu 74(39), kanti Ukaputeni we qembu Aiden Markram naye wenza kahle kakhulu njengoba enze ama runs angu 46 (32)
Kagiso Rabada ngenkathi sekuphoswa naye ugile ezakhe izimanga ebancisha ama runs, bheka ama overs akhe okuqala amabili ededela ama runs angu 6nje kuphela wase ethatha ama wicket amabili kwathi ngekathi sekubonakala ukuthi engathi uthanda ukuzika umkhumbi wama proteas waphinda wawu takula,lokhu kwenzeke nge Over Ka 19 lapho USA ibisidinga nje ama runs angu 28 kumabhola angu 12 abesesele kodwa over yakhe yokugcina uphinde wathatha enye Wicket wabe esededela ama runs amabili nje vo Kanti kuma overs akhe esewonke uthole 3 Wicket wadedela 18 runs kuma bhola angu 24 awaphosile.
USA ayizibekanga phansi nayo njengabantu abasingethe Lomqhudelwano njengoba ike yabonakala iza kahle kakhulu njengoba ngemva kwama Over amahlanu besebekwazile ukuthi benze ama runs angaphezu kuka 50 nalapho Umdlali wabo Andries Gous egcina engaphumanga enza ama runs 80 kuma bhola angu 47 kodwa umsebenzi wakhe uphelele emoyeni njengoba begcine bephelela ku 176/6
Omunye umdlalo obukhona eqoqweni lethu ubuphakathi kwe England Kanye ne West Indies, lapho okunqobe khona England ngo 8 wicket.
Indies bat kuqala yenza ama runs angu 180/4 & England yona yenza 181/2 (17,3ov)
Umdlalo olandelayo wama proteas badlala ne England okuyi yona evikela lendebe ngo lwesihlanu