Umnyango wezemfundo esfundazweni KwaZulu-Natal, uthi usezinhlelweni zokuhlangana nezinyunyana zothisa klelisonto, nokuyilapho bezonikezela khona inqubekela phambili,ngezinhlelo onazo ukuxazulula izinselelo ezibhekene nomkhakha wezemfundo esfundazweni,KwaZulu-Natal.
Lokhu kuza nje amalungu enyunyana yothisa ISADTU kwizifunda ezahlukene amashele emahovisi emnyango wezemfundo nokulapho bebeyodlulisa khona izikhalazo zabo ezibhekiswe kumnyango wezemfundo esfundazweni,kwezinye zeziphakamiso zabo ukuba kulandelwe imigudu efanele umakuqashwa othisha,nokuqashwa ngokugcwele ngaphansi komnyango ,kothisa bakwa Grade R nokunye.
Okhulumela umyango wezemfundo esfundazweni uMnu Muzi Mahlambi,uthe umnyago wezemfundo oholwa Umhlonishwa uMbali Fraser ukwazile ukuhlanga neziyunyana iSADTU kanye neNATU kanti kulindeleke ukuba bahlangane nalezi ezinye izinyunyana babebengakahlangani nazo.
Uqhube wathi ngokuphela kweviki umnyango uzokhipha istatimende ngempumela yemihlango yabo nezinyunyana.