iNingizimu Afrika ibe nokucinywa kukagesi Izinsuku ezingu 332 enyakeni ka 2023. Lokhu kukhombisa ukuthi inkinga kagesi iya ngokuya iba nzima kalula kuleli.
Lezi zibalo, ezihlanganiswe ngabakwa-EskomSePush kanye ne-The Outlier, zikhombisa ukukhula ngendlela emangalisayo kusukela ezinsukwini ezingama-205 ngowezi-2022 futhi zibonisa izinkinga ezijulile ngaphakathi kwa-Eskom, inkampani kagesi engaphansi kukahulumeni.
Lokhu kusho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika banezinsuku eziyi-13 kuphela kulo nyaka lapho kungabanga khona nokucishwa kukagesi, ngoNdasa kwaba usuku olulodwa, kwaba ezingu-11 kuMfumfu kanti luselulodwa okwamanje ngoZibandlela.
Kulo nyaka kuphinde kwaba nerekhodi elisha sha, njengoba iSigaba 6 sokucishwa kukagesi kube nezinsuku ezingama-74, okugqamisa isidingo esiphuthumayo sokulawulwa kwezinhlekelele okuphuthumayo.
Isimo saba sibi kakhulu njengoba iziphehlimandla zakwa-Eskom zidonsa kanzima ngenxa yokuphuka njalo nokungakwazi ukuhlangabezana nezidingo zikagesi zesizwe.
Ukungasebenzi kahle kweziteshi zikagesi ezibalulekile okubalwa kuzo iMatimba, iMajuba, iMedupi, neKusile, kwenze l nkinga ibe nzima nakakhulu.
Lezi ziteshi zithinteka ekushintsheni kwezinga lokushisa, okuholela ekunciphiseni ukuphuma kwamandla ngesikhathi samazinga okushisa aphezulu.
Ngasekuqaleni kwenyanga, ukushisa okuhlasele ezingxenyeni ezithile zezwe kusolwa izigaba eziphezulu zokucinywa kukagesi u-Eskom abathi kudalwe abantu abadla izambane likapondo baseNingizimu Afrika bavule ama-air conditioner abo.
UNgqongqoshe Wezamandla kaGesi, uKgosientsho Ramokgopa, ukuvumile nokho ukwehluleka kwe-Eskom ekulawuleni ngendlela efanele isimo, wathi le nkampani “ilahle phansi” ekuvimbeni ukwanda okumangazayo kokuqhekeka kwezimoto.