Lowo owayengumculi we-Ambitious Entertainment, uBokang Moleli, odume ngelikaMalume Vector, udlule emhlabeni engozini yemoto ngoLwesithathu ntambama.
UMalume Vector ubehamba ngemoto nomunye umculi uLizwei Wokuqala naye olahlekelwe yimpilo yakhe.
Imenenja kaMalume Vector uThato Pebane utshele ezindaba ngoLwesithathu kusihlwa ukuthi ithimba nomndeni bazokhipha isitatimende ngoLwesine ekuseni.
Izindaba zokushona kwalo mculi owazalelwa eLesotho ziqale ukubonakala ngemuva kokuba iphephandaba laseLesotho iLesotho Times ikhiphe izindaba zokushona kwalo mculi ekhasini layo likaFacebook.
“Imibiko engaqinisekisiwe ikhomba ukuthi umculi odumile waseLesotho, ozinze eNingizimu Afrika, ushonile engozini yemoto ntambama. Kuphinde kwashona abantu ababili,” kubika leli phephandaba.
“Akukacaci ukuthi bebeyaphi kodwa nguye noLizwi abebesemotweni engiyaziyo,” kusho umngani ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe.
UMalome Vector wayengumculi owazalelwa eLesotho odayisa iplatinamu kaniningi. Waduma emclweni waseNingizimu Afrika nge-Afro-Pop ne-Hip-Hop ngezingoma ezidumile ezifana nethi ‘Dumelang’ nethi ‘Nobody’ ngemva kokutholwa yi-Ambitious Entertainment ngo-2020.
Uze washiya kule lebula ngonyaka odlule ukuze aqale eyakhe irekhodi i-Whole Time Entertainment futhi wathola isivumelwano sokusabalalisa umculo ku-Ingrooves Africa (Electromode), esabalalisa kakhulu emhlabeni.
ULizwi Wokuqala ube ngumculi wokuqala kanti basanda kukhipha ingoma yakhe yakamuva, eLesotho ngeledlule.
Lena indaba ethuthukayo futhi izobuyekezwa njengoba eminye imininingwane ivela.