UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe imililo esanda kwenzeka kulesi sifundazwe isidale ukulahleka kuka-R30 million. UNtuli ubevakashele eKenville Informal Settlement, eDurban North ngoLwesibili, nalapho kuqubuke khona umlilo ocekele phansi imizi engaphezu kuka-200 kwashona owesifazane obezithwele.
Omunye umlilo oqubuke eMidlands usudlule nemiphefumulo yezicishamlilo eziyisithupha.
Bebeyingxenye yethimba elizama ukulwa nomlilo eStirling Farm, okukholakala ukuthi saqalwa abazingeli bezilwane.
UNtuli unethemba lokuthi kuzomenyezelwa isimo senhlekelele ngenxa yomlilo.
Uphinde wanxusa ukuthi kube nokusebenzisana ukuze kunqandwe imililo esikhathini esizayo.
“Kumele sazise abantu ukuthi imililo yequbula ingalimaza kangakanani imfuyo, izakhiwo, izinsiza zezolimo kanye nempilo yabantu. Sebeqalile ukuhlinzeka ngezindlu zesikhashana.”