I-Standard Bank isikhiphe isixoliso kumakhasimende ayo ngokubambezeleka kwezimpendulo zawo ezikhungweni zezingcingo.
Amakhasimende aleli bhange azwakalise ukukhathazeka ezinkundleni zokuxhumana kulo lonke uLwesibili, ekhala ngokudleka kwezimali zawo kuma=account abo.
Ngalesi sikhathi, amakhasimende amaningi ahlangabezane nobunzima bokukhokha noma ukwenza imisebenzi.
Esitatimendeni sangoLwesithathu ekuseni, iStandard Bank ivume ukwanda kwenani lezingcingo esikhungweni sayo sezingcingo zomgunyathi.
IBhangengodla liveze ukuthi lokhu kungenxa yohlelo lwalo lokuhlonza nokuvimbela ukukhwabanisa kwamanye ama-akhawunti amaklayenti.
“I-Standard Bank Call Centre ibe nokwenyuka kwamavolumu ezingcingo. Lokhu kungenxa yohlelo lwethu lokuhlonza ukukhwabanisa olusebenzayo oluhlonza futhi luvimbe imisebenzi yokukhwabanisa kwamanye ama-akhawunti amaklayenti.
“Njengengxenye yalolu hlelo, amakhasimende athintekile aziswe ngemiyalezo, okuholele ekutheni ashayele ibhange ucingo ukuze athole eminye imininingwane.
“Lokhu kwanda kwezingcingo ezingenayo kuholele ekutheni isikhungo sethu sezingcingo singasebenzi,” sifundeka isitatimende seStandard Bank.
I-Standard Bank igcizelele ukuthi akukho ukwephulwa kwezinhlelo zayo, igqamisa izingqimba eziningi zokuphepha nokuqinisekisa ezikhona ukuze kuvikelwe amakhasimende ayo.
Nokho liwaqinisekisile amakhasimende athole umkhonyovu noma abika ebhange ukuthi lolu daba luzophenywa.
“Ibhange alikubekezeleli nhlobo ukukhwabanisa futhi lizophenya udaba ngalunye libe nesiphetho esisekelwe kulokho okushiwo yicala ngalinye,” kusho iStandard Bank.