Umfelandawonye wezinyunyana i-COSATU uthi uphoxeke kakhulu ngokuthi i-African National Congress (ANC) iqhubekile nokufungiswa kukaZizi Kodwa njengelungu lePhalamende.
Inyunyana ithe i-ANC ikhethe “ukunganaki” isinqumo sayo sokuhoxa ngokuqhubeka nokufungiswa kukaKodwa.
UKodwa ufungiswe ngoLwesibili kanye namalungu e-MK Party ePhalamende angu-58, nakuba bekuthiwe akahoxe esikhundleni njengoba ebhekene namacala enkohlakalo. UKodwa ngoLwesibili ukuvikele ukufungiswa kwakhe, wathi ujutshwe yi-ANC ngaphambi kokubuza imibuzo eqenjini.
“Mayelana nezindaba oziphakamisayo ngicabanga ukuthi inhlangano ingachaza, angizile ukuzokhulumela inhlangano. ngokuba ngunombolo 25.”
Kodwa okhulumela i-COSATU, uMnuz Matthew Parks, esitatimendeni uthe ukufungiswa kukaKodwa “kube yisinqumo esingacabangi kahle futhi esingazange sicatshangelwe kahle” yi-ANC.
Uthe kubukela phansi isinqumo seqembu esiqhubekayo sokuhlehla.
UParks uthe nakuba bengalugubhi udaba lukaKodwa kodwa uthe akufanelekile ukuthi amalungu ePhalamende aphume ephuma ezinkantolo ukuze abhekane nezinsolo zenkohlakalo.