Abameli bomculi odumile wasethekwini uMthokozisi Khathi odume ngelikaDJ Tira usebhalele intokazi engumculi osafufusa uLuke Ntombela incwadi emphoqa ukuthi axolise ngezinsolo azenze emsakazweni nakuFacebook ezibhekise kulomculi.
Funda nalapha:
UNtombela, ngeviki eledlule ubhale ekhasini lakhe lakuFacebook ukuthi uDj Tira akafuni ukumtshela ukuthi kwenzekani ngesikhathi evuka ekuseni embhedeni endlini kaTira engasakhumbuli ukuthi kwenzekeni. Lentokazi iphinde yakhuluma ohlelweni lwasekuseni emsakazweni uKhozi FM lapho echaze khona kabanzi ngalesi sigameko waphinde waveza ukuthi lesi sigameko senzeka ngo 2017.
Incwadi eshicilelwe ekhasini likaKhathi evela kubameli okuthiwa iKhathi And Mkhize Attoneys ithi lentokazi inezinsuku eziyisikhombisa ukuthi ibhale isixoliso futhi ihoxise konke loku ekubhale ekhasini layo, iphinde iye emsakazweni uKhozi iyohisa nakhona.
Bheka incwadi ngezansi:

