OWOKUFIKA UVELE ENKANTOLO NGECALA LOKUBULALA EWEMBEZI
Uvelile namuhlaeNkantolo yase-Estcourt umlisa ongowokufika kuleli obhekene necala lokubulala umuntu abekade ethandana naye endaweni yaseWembezi.Icala lihlehliselwe umhla ka-21 January 2026. Lokhu kudalwe wukuthi akekho okwazi ukukhuluma ulimi lwakhe enkantolo, okwenza kube nzima ukuqhubeka nokuqulwa kwecala. Inkantolo iveze ukuthi uhulumeni kumele amhlinzeke ngommeli wamahhala kanye nomhumushi ozokwazi ulimi lwakhe ukuze kuqinisekiswe ukuthi inqubo yezomthetho ihamba ngendlela…

