UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN UZOQHASHA ABANGU 5 000 ABEBESEBENZA NJENGETOHO

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usumemezele ukuthi uzoqashwa unomphela abasebenzi bezempilo bomphakathi (CHWs) abangaphezu kuka-5 000. UNgqongqoshe Wezempilo uNomagugu Simelane uthe lesi sinyathelo sibuyisa isithunzi futhi bayalibona iqhaza elibalulekile ama-CHW alidlalile, okuhlanganisa nezinhlekelele ze-HIV/Aids kanye ne-Covid-19, kanye nokulwa nesifo sofuba, umalaleveva, izinselelo zempilo kamama nengane, kanye nezifo ezingelapheki. Lesi sinqumo silandela umdonsiswano omude wezomthetho obuholwa yiNehawu, ephonsele…

Read More

UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO UVAKASHELE E-QOPHINDLELA HIGH SCHOOL

EaMNAMBITHIUNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnumzane Sipho Hlomuka, ephelezelwa uSotswebhu Omkhulu kaMasipala wase-Alfred Duma uNkk Lindiwe Kubheka, uvakashele eQophindlela High School ukuzobheka ukusebenza kwesikole njengoba kuqala unyaka wesikole.UNkk Mapaseka Mokoena, ongumqondisi wesifunda uThukela, wamukele izivakashi emhlanganweni wokudingida izinkinga nesimo sokusebenza kwesikole. Uthishanhloko wesikole, uMnumzane Mbanjwa, wethule umbiko lapho eveze khona ukuthi inani labafundi liyehla ngenxa yokuswela izinsiza,…

Read More

LILALELWE UNYENDLE LABULAWA IPHOYISA EBELILWA NOBUGEBENGU ENAZARETHA

Kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa izolo ebusuku ngesikhathi engena ekhaya lakhe endaweni yaseNazaretha eMnambithi. Lomlisa ubesebenza njengephoyisa futhi ehlonishwa kakhulu emphakathini. Ngokwemibiko, leli phoyisa belisuke ekhaya layothenga esitolo esiseduze. Ngesikhathi ebuya cishe ngo-10 ebusuku, nokuthe esezongena esangweni, kwavumbuka abalisa abangaziwa bamdubula. Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa asevule icala lokubulala esiteshini samaphoyisa Ekuvukeni, kanti uphenyo lusaqhubeka.

Read More

UMPHAKATHI WASESAHLUMBE UKHALA NGOMGWAQO OBEKA IZIMPILO ZABANTWANA BESIKOLE ENGOZINI

Njengoba izikole zivuliwe eMnambithi, abafundi abancane baseSahlumbe eMsusampi, ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma, basaqhubeka nokusebenzisa umgwaqo oyingozi oqoshwe entabeni eduze kakhulu noMfula uThukela. Lo mgwaqo, oke wathatha izimpilo zezingane eminyakeni edlule, usasetshenziswa ngisho izingane ezineminyaka emihlanu uma ziya esikoleni ekuseni.Lo mgwaqo oyisihlabathi, ohamba eduze komphetho womfula, awunazo izivikelo futhi awunamgwaqo wabahamba ngezinyawo. Amajika abukhali kanye nokudilika…

Read More

INHLANGANO ISANCO IKLOMELISE OTHISHA ABENZE KAHLE ESIKOLE IJOSEPH SHABALALA HIGH SCHOOL EMNAMBITHI

Inhlangano iSouth African National Civic Organisation (SANCO) iklomelise othisha abayisikhombisa abenze kahle kakhulu esikoleni samabanga aphezulu saseMnambithi iJoseph Shabalala High School. UMgqugquzeli walenhlangano esifundeni uThukela ophikweni lwabesifazane uPhiwo Ndaba uthe lokhu bakwenze ngenhloso yokukhuthaza labo thisha nabanye ukuthi baqhubeke basebenze kanzi ukuze kuthuthuke lesi sikole. Lesi sikole sikwazile ukwenyusa imiphumela yaso kamatikuletsheni nyakenye isuka ku…

Read More

AMAPHOYISA ASEZAKHENI ABOPHE ABABILI EBATHOLA NEZIBHAMU

Baboshwe yi-Ezakheni Visible Policing Unit kanye neLadysmith K9 Unit ngemuva kokusebenza ngolwazi oluhlinzekwe ngumphakathi. Ukusesha endaweni esesiGcemeni sakwa-E kuholele ekutholakaleni kwezibhamu ezintathu nezinhlamvu. Abasolwa bazobhekana necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, kanti izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kubonakale ukuthi azisetshenziswanga yini ebugebengwini. Ibamba likaKhomishana wesiFunda sasoThukela uBrigadier ZO Kunene uncome la maphoyisa ngesenzo sawo esisheshayo…

Read More

KUBOSHWE ODABUKA ENIGERIA EBANJWA NEZIDAKAMIZA EZINGABIZA R1 MILLION ETHEKWINI

Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa zenani elilinganiselwa ku-R1 million emkhankasweni wophiko lwezobunhloli eThekwini izolo ntambama. Lokhu kugasela kwenziwe yi-Metro Police Tactical Support Unit kanye nethimba leSAPS KZN Counter Narcotics. Kuboshwe owesilisa waseNigeria ngezinsolo zokudayisa izidakamizwa. Amaphoyisa athi agasele ezindaweni ezimbili eziyamaniswa nalomlisa, eyodwa iseGreenwood Park kanti enye iseGlen Ashley. Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba lo mkhankaso athole i-crack cocaine,…

Read More

INEZIFISO ZOKUVULA IKHAMPASI EBERGVILLE IMNAMBITHI TVET COLLEGE

Kuvele isifiso sokuvulwa kwegatsha elisha leMnambithi TVET College eBergville ukuze kusondezwe imfundo ephakeme kubafundi basemakhaya. Lokhu kudalulwe yizikhulu zekolishi ngesikhathi iphini likaNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, uDkt Nomsa Dube-Ncube, livakashele lesi sikhungo ekhampasini yaseZakheni kwa-A. Izikhulu zithi ukuvulwa kwaleli gatsha kuzodlala indima enkulu ekwandiseni amathuba okufunda, ikakhulukazi entsheni yaseBergville nasezindaweni ezizungezile. Njengamanje, iMnambithi TVET College inamakhampasi amane,…

Read More

BEKUKUHLE KUDELILE KUKLONYELISWA ABENZEKAHLE KWI KLIPRIVER CIRCUIT EMNAMBITHI

Kubungazwe umsebenzi omuhle owenziwe ngoThisha nabantwana abebenza umatikuletsheni nyakenye ngaphansi kwe klipriver Circuit namhlanje. LeCircuit yenzekahle kakhulu njengoba singekho isikole esingaphansi kwayo esithole ngaphansi kuka-90%. Lomcimbi ubuhanjelwe yizikhulu zezemfundo,oThisha kanye nabafundi ububanjelwe eML Sultan primary School Hall l edolobheni eMnambithi.

Read More

KUBOSHWE OWOKUFIKA OTHOLAKALE NEZIDAKAMIZWA ZEMALI ELINGANISELWA KU-R80.000

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebenza ngaphansi kophiko iProvincial Drugs and Firearms Unit Kanye nalawo asebenza ngaphansi kwe Provincial Illicit and Counterfeit Unit, abophe Umlisa wokufika,odabuka kwelinye lamazwe aseNtshonalanga yeAfrika oneminyaka engu-29 ubudala, ngamacala okutholakala Kanye nokudayisa izidakamizwa. Lomlisa uboshiwe ngeskhathi amaphoyisa enomkhankaso eRichards Bay izolo. Amaphoyisa athole umbiko ngalomsolwa, abe esenikela eFlathini elithize eliseRichards Bay, kwathi uma…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved