KUNGENELELE AMAPHOYISA AMALUNGU OMPHAKATHI EPHAZAMISA INKULUMO KAMENGAMELI E-MZIMKHULU.

Amaphoyisa ophiko lwe-Public Order Police ombutho wamaphoyisa KwaZulu-Natal angenelele ngokushesha ukunqanda udlame obelungase luqubuke emcimbini wokunikezelwa kwamatayitela e-Esayidi TVET College, eMzimkhulu. Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ethula inkulumo yakhe, amalungu omphakathi abengeneme aphakamise izingqwembe ezinemiyalezo ehlukene, isimo esiholele ekutheni amaphoyisa angenelele,ngesikhathi sekunikezelwa kwamatayitela, njengoba amalungu omphakathi abengagculisekile azamile ukuyongena esteji,kodwa amaphoyisa abavimba ukugwema ukuthi isimo sibhebhetheke.

Read More

UNDUNANKULU WESFUNDAZWE I-KZN UVAKASHELE UMNDENI WENTOMBAZANYANA EYALAHLEKA E-MARIKANA E-KOKSTAD

UKhomishana wamaphoyisa wesiFunda saseHarry Gwala uMajor General Ntombivelile Xhelithole wamukele uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli esiteshini samaphoyisa eKokstad lapho efike wamunikeza khona umbiko kanye nenqubekela phambili ngophenyo ngodaba lokulahleka kwengane. Lokhu kuza nje intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala yaseMarikana eKokstad yaduka yangatholakala ibuya esikoleni ngomhla zingama-26 kuNhlolanja 2026. Umphakathi wabamba owesilisa ababemsola ngokuthi uthumbe lengane base…

Read More

IKOMIDI LEZEMISEBENZI YOMPHAKATHI ESISHAYAMTHETHO LIVAKASHELE ISIFUNDA SASE-MAJUBA

Komidi Lezemisebenzi Yomphakathi esiShayamthetho saKwaZulu-Natali Livakashele Isifunda sase-Majuba osukwini lwayizolo.leliKomidi eliholwa nguSihlalo uMhlonishwa u-PN Msimango, livakashele isfunda sasemaJuba ukuyobheka inqubekela phambili kwamaphrojekthi amabili. Okuyisibhedlela saseNewcastle kanye neCelani Primary School. Esibhedlela, babheke umsebenzi owenziwe ukuthuthukisa ukuphepha,nokunye. Esikoleni babone inqubekela phambili ekwakheni isikole esisha esinazo zonke izinsiza. Osonkontileka bathi kubambezeleke izimali kulephrojekthi yesikole iCelani Primary nokwenze umsebenzi…

Read More

BAGIXABEZWE NGODILIKA JELE ABAHLASELA BABULALA E-NEWCASTLE

Abelisa abathathu bagwetshwe INkantolo yesiFunda eMadadeni odilikajele.uMkhumbuleni Goodman Mbatha oneminyaka engu-54 noLinda Mbatha oneminyaka engu-25 bagwetshwe kulandela ukulahlawa amacala ababili okubulala nokuzama ukubulala ngoJanuary 2023 eFlathela, eNewcastle, ummangalelwa uKwanele Ngubeni oneminyaka engu-19 yena ugwetshwe iminyaka ewu-20 ebhadla ejele. Lokhu kuza nje ngo mhlaka-31 December 2022, umufi uNtokozo Madonsela, umfowabo nommangali ecaleni lokuzama ukubulala, uThabiso Khumalo,…

Read More

BABEKWE ENDLINI YABO YOKUGCINA ABAMUKA NOMFULA E-MSINGA NGELENDLULE

Afihlwe ngesizotha amalunga emindeni emithathu eyamka nomfula umfenebunde kwaward-13 kuMasipala waseMsinga,ngenkathi bezama ukuwela ibhuloho emavikini adlule. uMeya kamasipala waseMsinga uDr Cllr FJ Sikhakhane,uhambele inkonzo yomngcwabo nokulapho ududuze imindeni elahlekelwe wathembisa ukuthi bazozama ukuxhumana nezihlaka ezithintekayo ukuze kuzoba nemuzizamo yokulungisa amabhuloho khona kuzogwemeke izingozi ezidlula nemiphefumulo.

Read More

SISHUBILE ISIMO EPHAYIKENI AMALUNGU OMPHAKATHI ESOLANA NGOKUTHAKATHA

Bekushube isimo ngesikhathi kunomhlangano womphakathi wasendaweni yaseMagcekeni ephayikeni eMnambithi izolo. Lomhlangano obubnjelwe enkundleni yezemidlalo kulendawo ububizwe ngumlisa othile ongumelaphi wendabuko wakhona kulendawo. Lomlisa ngeviki eledlule wakhilpha incwadi emema lomphakathi kulomhlangano ethi uzodalula ukuthi ngubani othakatha lomphakathi, kanti futhi ezochaza kabanzi ukuthi ngabe lomthakathi ukwenza kanjani lokhu. Amalungu omphakathi akulendawo athi vele kulendawo zikhona izinto ezenzekayo…

Read More

UMPHAKATHI WASEZAKHENI UKHALA NGEZIGUBHU ZIKAGESI EZINTSHA EZIDLA UGESI NGOKWEQILE

Umphakathi waseZakheni eMnambithi usukhale kakhulu ngezigubhu zikagesi ezintsha ezisanda kufakwa u-Eskom, uthi zidla ugesi kakhulu kunalezo ezindala. Lezi zigubhu zifakwe ngenhloso yokunciphisa ukurojwa kukagesi emphakathini. Kodwa izakhamuzi zithi kusukela zafakwa, ugesi usuphela ngokushesha kakhulu. Esinye sezakhamuzi esikhulume naleli phephandaba sithe ngaphambili ugesi ka-R300 ubuhlala phakathi kwamaviki amabili kuya kwamathathu esigubhini esidala, kodwa manje awusafiki ngisho…

Read More

UHULUMENI WASE-KZN UCELE KWEHLE IMIMOYA EMVA KOKUHLAKAZWA KWEBHODI LENGONYAMA TRUST

Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal usunxuse ukuthi kube nezingxoxo ezizolile nezakhayo kulandela ukuhlakazwa kweBhodi leNgonyama Trust. UNgqongqoshe wezokuBuyekezwa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uMnuz Mzwanele Nyhontso uhlakaze ibhodi ngemuva kokusula kwamalungu alo amabili. Lesi sinqumo siza phakathi kwezinsolo eziqhubekayo zokungaphathwa ngendlela kwe-trust. Okhulumela uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNksz Lindelani Mbatha, uthe uhulumeni wesifundazwe ukulungele ukusebenzisana nazo zonke…

Read More

KUBANJWE UMHLANGANO WOKULANDELA NGESIMO SAMANZI E-KOPPIE ALLEN, DANNHAUSER

UMasipala waseDannhauser ngokubambisana noMasipala Wesifunda i-Amajuba District ubambe umhlangano wokulandelela,kamasipala waseDannhauser nabamele umphakathi mayelana nenkinga yokuntuleka kwamanzi eSkobhareni nasezindaweni ezakhele lendawo Lomhlangano uzanje ngaphambilini wabanjwa ngesikhathi kunombhikisho, lapho umphakathi wakhombisa ukukhathazeka okukhulu ngokushoda kwamanzi isikhathi eside. Inhloso yomhlangano obubanjwe osukwini lwayizolo bekuwukwethula impendulo kanye nokunikeza isibuyekezo ngenqubekela phambili mayelana nezindaba ezaxoxwa ngaphambilini. Lomhlangano ubugxile ezindabeni…

Read More

LUDLULISELWE KUMGCINIMAFA KAZWELONKE OLWETHENDA KA-137 MILLION KUMASPALA UTHUKELA

IKomidi lePhalamende lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu selinyusele kuMgcinimafa kuzwelonke udaba lwethenda ka-R137 million ethinta ukulungiswa kwemishini yokuphehla amanzi kuMasipala wesifunda sasoThukela ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Leli komiti lihlangane nobuholi bukaMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala weNdawo Inkosi Langalibalele ngoLwesibili ukubheka inqubekelaphambili kulandela izikhalo ezivezwe ngesikhathi lihambele lo mkhandlu ngoJanuwari. Amalungu ekomidi atshelwe ukuthi kumanje umasipala wasoThukela usebenza…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved