UNgqongqoshe wezeMithombo Yezimbiwa kanye Nezinto Ezitholakala Ngaphansi Komhlaba, uGwede Mantashe, unikeze izaguga eDannhauser ngamaGas Cylinder angu 200,nathi azobasiza ekuphekeni nasekufudumezeni amakhaya abo.
UMantashe ubonge inkampani iGold Fields ngokunikela ngalamaCylinda kulolu hlelo.Wathi imboni yezimayini akumele igxile kuphela kwezimbiwayo, kodwa kumele ibambe iqhaza ekuthuthukiseni izimpilo zemiphakathi abasebenzela kuyo.waphetha ngokuthi lolu hlelo luyingxenye yemizamo kahulumeni yokuguqula imboni yezimayini ukuze ibe nobudlelwano obuhle nemiphakathi.
