BAFUNA IMEYA IZOBACHAZELA UKUTHI AWABAFANELE NGANI BONA AMANZI ABANTU BASE-UITVAL

Umphakathi waseUitval uvale iSigweje Shopping Centre namuhla ekuseni, ukhombisa intukuthelo ngenxa yamanzi angekho ezimpompini abathi sekuphele izinyanga eziningi engekho. Akusiwo umphakathi waseUitval kuphela okhalayo. Abantu baseTholeni, Limehill, KwaHlathi nezinye izindawo eziseduze nabo bathi nabo babhekene nenkinga efanayo yokuswela amanzi. Abahlali bashise amathayi phambi kwenxanxathela yezitolo, okuphoqe ukuthi ivalwe ngokuphelele. Baphinde bavala noHelpmekaar Road, umgwaqo omkhulu…

Read More

KUQHUME UMKIKIZO BEPHIWA ISTOKO OMAMA ABADAYISA ESIKOLENI EMTSHEZI

Kuzwakale ngomkikizo ngesikhathi iMeya yaseLangalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, ihlomulisa omama abadayisa eMpumelelo Technical High School ngesitoko sokudayisa. Lolu xhaso luza emva kokuthi uKhansela wewadi yabo uKhanyile ecele ukwesekwa kwabo njengosomabhizinisi abancane emphakathini. Namuhla, ngemuva kohlelo lwe-Mayoral Back to School eMpumelelo Tech, iMeya ihlomulise omama abangu-20 ngesitoko esizobasiza ekukhuliseni amabhizinisi abo amancane. Lo msebenzi uhlose ukuqinisa…

Read More

MAYOR UMDUDUZI MYEZA UHAMBELE IZIKOLE EZINTATHU KUHLELO LWE-MAYORAL BACK TO SCHOOL

IMeya yaseLangalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, ivakashele izikole ezintathu namuhla ngaphansi kohlelo lweMayoral Back to School Campaign, iqala eSizathina High School eMandabeni. Lapha, abafundi bamukele uMeya ngenjabulo enkulu njengoba isikole sithole u-93.5% pass rate kuClass ka-2025. IMeya income ukuzimisela kwabafundi, othisha, amalunga eSGB kanye nabazali, yathi inethemba lokuthi iClass ka-2026 izofinyelela ku-100%. Uhambo luqhubekele ePhuthini Secondary…

Read More

BASINDE NGOKULAMBISA ABATHATHU BESHAYISWA YIMOTO BEYA EMSEBENZINI EVRYHEID

KULIMALE abantu abathathu abebehamba ngezinyawo, oyedwa wabo kanzima ngemuva kokushayiswa yimoto ku-Oost Street ngasePrincess Mkabayi Mall eVryheid ngoLwesithathu ekuseni. Abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal baphuthume endaweni yesigameko ngabo-08:00, lapho umshayeli wemoto ehlulekile ukuyilawula yashayisa abantu abathathu abebewela umgwaqo. Kuthiwa abebehamba ngezinyawo abalimele bebeya emsebenzini ngesikhathi sesigameko. Abezimo eziphuthumayo benze ukuhlola okusheshayo lapho befika. Isiguli esisodwa sithole imihuzuko…

Read More

KUJABULE IMINDENI KUVELA IVIDEO ECACISA AMANGA AMAPHOYISA NGOKUDUBULA KUQALA KWABABULAWA

Imindeni yabesilisa abane abadutshulwa babulawa ngamaphoyisa emgwaqweni uDumisani Makhaye, KwaMashu, ngoMashi 20, 2025, ithi ayiphezi ukubonga umuntu owaqopha i-video yabathintekayo ngesikhathi belaliswe phansi ngaphambi kokuba badutshulwe. Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) iveze ukuthi isiphothule uphenyo lwayo, yathola amaphoyisa athintekayo enecala, yadlulisa udaba ehhovisi lomqondisi wezokuShushiswa koMphakathi (NPA) KwaZulu-Natal ukuze kuthathwe isinqumo….

Read More

UGWETSHWE ODILIKAJELE ABABILI OLAHLWE YICALA LOKUDLWENGULA ABASHANA BAKHE

INkantolo yeMantshi yaseNewcastle igwebe owesilisa,oneminyaka engu-20 ubudala,odilikajele ababili ngemuva kokuthi inkantolo imthole enecala lokudlwengula abashana bakhe ababili ekhaya labo eSpringboklaagte,eDannhauser. Lokhu kuza nje lomdlwenguli oselahlwe yicala,wadlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-10 ubudala,izikhathi ezintathu, emthembisa ukumbulala uma kukhona amtshela ngalesisgameko. Ngemva kwesigameko sesithathu sokudlwengulwa, intombazanyana yathola isbindi sokubikela abomndeni nokuyibo ababikela amaphoyisa. Uphenyo wamaphoyisa lwaholela ekutheni amaphoyisa…

Read More

UNTULI UTHI USEZINHLELWENI ZOKUBUYISELA IZIPHAZA ZAKWAZULU-NATAL KUBANTU BAKULELI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi baphezu kohlelo lokudlulisela ubunikazi bezipaza eziphethwe abokufika abangenazo izincwadi kubahlali bakuleli. UNtuli ukusho lokhu ngoLwesibili ngesikhathi ehola uphiko lwezinhlaka ezahlukene zomthetho enkabeni yedolobha laseRichards Bay. Lo msebenzi ubugxile ekuhloleni izitolo nokubheka ukuthi ziyayithobela yini imithetho yokufika kwabantu abavela kwamanye amazwe, amabhizinisi kanye nemithetho yokuhweba. Ngokusho kukaNdunankulu, izitolo eziningi ezincane…

Read More

KUQWASHISWE ABALIMI BASOTHUKELA NGESIFO SAMATELE

UHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uqinise imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwesifo samatele (FMD), njengoba sekunezinyathelo zokungenelela ezisebenza ezingeni eliphezulu kuzo zonke izindawo ezithintekile. Izolo, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (i-CoGTA) kanye nowezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya (i-DARD) usingathe uHlelo lokuNgenelela ekuzameni ukulwa nesifo samatele eBergville Sports Complex. Lo mhlangano ubuhanjelwe abalimi, amalungu omphakathi, Amakhosi, abaholi bakamasipala kanye nezinhlaka ezithintekayo…

Read More

ABAHLALI BASE ST CHADS BAKHALA NGESIMO ESIBI SEMIGWAQO

Abahlali baseSt Chads eMnambithi bakhale ngesimo esibi semigwaqo yalendawo, abathi seyisiphenduke ingozi emphakathini. Bathi imigwaqo seyigcwele imigodi, ayisasebenziseki kahle futhi idala izingozi ezingadingekile. Ngokusho kwabahlali, le migwaqo isilimaze izimoto zabo futhi iphoqa abashayeli ukuthi bahambe kancane noma bagweme ezinye izindawo ngokuphelele. Bathi sekunzima ukuhamba, ikakhulukazi ngezikhathi zemvula.Abanye bathi sebephelelwe yithemba ngosizo lweziphathimandla, baze bathi sebenikela…

Read More

EZAKHENI HORSE RACING EVENT IHLANGANISE UMPHAKATHI WASEZAKHE NGENJABULO NGEMPELASONTO

Izolo kube wumgubho omkhulu eEzakheni Section D (ngemuva kwePlaza) lapho kubanjelwe khona umcimbi we Ezakheni Horse Racing, obudonse izinkumbi zomphakathi. Kube nemijaho eyisithupha, kanti umjaho ngamunye ube nomklomelo wemvu ephilayo (isiKlabhu). Umjaho wesikhombisa nowokugcina ube nomklomelo wenkomo ephilayo (Inkomo). UKhansela uHlomuka wakuWard 4, egameni lomphakathi nobuholi baseEzakheni, udlulise ukubonga okukhulu kubo bonke ababeyingxenye yalo mcimbi,…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved