Usomabhizinisi futhi oyilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Smanga Mabaso waseMsinga, useguqule indawo yakhe yokungcebeleka eyayaziwa ngokuthi uMphelankani yaba isikole esisezingeni eliphezulu.
Isikole iLobethal Combined School sesifundisa kusukela emabangeni aphansi kuze kufike kumatikuletsheni. Lesi sikole besikade sisebenza ngaphansi kweRock of Life Church eMsinga, ngaphansi kobuholi bukaMfundisi Barney Mabaso, onguyise kaSmanga Mabaso.
UMabaso uthe lesi sikole saqalwa ngubaba wakhe ngo-1996 ngenhloso yokuletha imfundo esezingeni eliphezulu ezinganeni zasemakhaya eMsinga. Uthe ngo-2021 wasithatha ngokusemthethweni isikole, kwathi ngenxa yokuxakeka kwakhe kwezepolitiki wanquma ukuguqula indawo yaseMphelankani ibe isikole ukuze izingane zendawo zithole imfundo engcono eduze kwemizi yazo.
Uveze ukuthi nakuba isikole sizimele, siqhubeka nokufeza iphupho labazali bakhe lokubona abantu baseMsinga bethuthuka ngemfundo futhi beshiya emuva umlando wodlame nezimpi ezake zaduma kule ndawo.
