IQEMBU LE-NFP LITHI ALIJIKI ESINQUMWENI SOKUPHUMA KU-GPU

Iqembu leNational Freedom Party (NFP) lithi yize selibe nemihlangano laxoxa ne-IFP, DA kanye ne-ANC kuHulumeni Wobumbano (GPU) KwaZulu-Natal, alijiki esinqumweni salo sokuphuma kulolu mbimbi. I-NFP ithi isinqumo sayo sihleli sinjalo, futhi ayizimisele ukuqhubeka nokweseka ubuholi obukhona ngaphansi kukaNdunankulu wesifundazwe, uThami Ntuli. Ngokusho kweqembu, sekukhona izingxoxo eziqhubekayo zokwakha umbimbi olusha oluhlanganisa i-MK Party, i-EFF kanye ne-NFP….

Read More

APHELE EMEHLWENI AMAKHANSELA ASOTHUKELA EMHLANGANWENI WOKUZODINGIDA ELOKUVALWA KWE-ACCOUNT KAMASPALA

Kube nesiphithiphithi emhlanganweni oyisipesheli woMkhandlu kaMasipala uThukela District lapho bekudingidwa khona udaba lokuvalwa kwe-akhawunti kaMasipala ngenxa yezikweletu ezisindayo. Amakhansela asale ebambe ongezansi emva kokuthi iMeya kanye namakhansela eqembu leNkatha Freedom Party (IFP) beshaye bachitha umhlangano ungakapheli. Lo mhlangano ubizwe uSomlomo ngenhloso yokuthola izimpendulo nokudingida kabanzi ngesimo sezimali esibhekene nomkhandlu. Amakhansela e-ANC, DA, EFF kanye ne-NFP…

Read More

AMAKHOSI ASEZOKWAZI UKWENZELA IZAKHAMIZI AMA-AFFIDAVIT KANYE NOKUQINISEKISA IZINCWADI

Imiphakathi engaphansi kobuholi bomdabu KwaZulu-Natali manje isizokwazi ukuba nezincwadi ezifungelwe kanye namanye amaphepha asemthethweni azosebenza endaweni, ngemuva kokuthi AmaKhosi angaphezu kuka-280 eqinisekiswe ngokusemthethweni njengoKhomishana Bokufungisa. UNdunankulu uThami Ntuli unikeze abaholi bendabuko izitifiketi namathuluzi okusebenza ngoMsombuluko eMayville, echaza lesi sinyathelo njengesinyathelo esikhulu sokuthuthukisa ukufinyelela kwezobulungiswa ezindaweni zasemakhaya. UNtuli uthe lesi sinqumo sizokwehlisa umthwalo kwizakhamizi, ikakhulukazi abafuna…

Read More

KUBUYISE ITHEMBA UKULUNGISWA KOMGWAQO EZINYOSINI NAKWANDABA EMTSHEZI

Kubuyise ithemba emphakathi ukubona uqhubeka kahle umsebenzi wokulungiswa komgwaqo owenziwa uMaspala iLangalibalele eWard 13, ezindaweni zaseZinyosini nakwaNdaba. Namuhla abaholi bomkhandlu beholws yiMeya uMduduzi Myeza baye bayohlola ukuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela egculisayo futhi uyawenza yini umehluko emphakathini. Lo msebenzi uyingxenye yesethembiso esenziwa uMaspala ngo-2021 sokulungisa imigwaqo engenela emakhaya, imigwaqo esetshenziswa amatekisi kanye nezindlela eziya ezikoleni nasemakliniki….

Read More

SINGENELE OSUKWINI LWESIBILI ISITELEKA SASEMOBA

Ungenele osukwini lwesibili umbhikisho womphakathi waseMoba, njengoba izakhamuzi ziqhubekile nokuvala umgwaqo ngenxa yokunqamuka kukagesi namanzi endaweni yabo. Umphakathi uqale ukuvala umgwaqo izolo ekuseni, uthi sekuphele cishe isonto ungekho ugesi. Izolo uKhansela wendawo, uXolani Kubheka, ubathembise ukuthi inkinga izoxazululwa namuhla. Nokho, namhlanje izakhamuzi ziphinde zavuka zavala umgwaqo, zithi azisafunezethembiso ezingafezeki. Manje umphakathi uthi ufuna uMasipala uThukela…

Read More

SIZINIKELE EMAPHOYISENI ISIKHULU SIKAMASPALA I-ALFRED DUMA ESISOLWA NGOKUNUKUBEZA

Isikhulu sikamaspala i-Alfred Duma Local Municipality (Igama laso esiligodlile) lizinikele esiteshini samaphoyisa namuhla ekuseni ngezinsolo zokunukubeza owesifazane obengaphansi kohlelo lokuqeqesha abafundi kuwo loMaspala. Ngokwemibiko, lona wesifazane uvulele lomlisa icala emva kokuthi lona wesilisa wambhudubeza wamnukubeza ngesikhathi ezomlanda endlini beya emsebenzini ngonyaka ka-2024. Lesi sikhulu kuthiwa sizovela enkantolo ngoMsombuluko Mhla-ka 23 kuNhlolanja.

Read More

UMPHAKATHI WASEMOBA UVALE UMGWAQO UKHALA NGOKUHAMBA KUKAGESI ISIKHATHI ESIDE KULENDAWO

Umphakathi waseMoba uvuke wavala umgwaqo namuhla ekuseni, ukhala ngenkinga kagesi osekunesikhathi uhambile kulwndawo. Izakhamuzi zithi sebekhathele izethembiso ezingagcwaliseki, kanti ukudla sekuyabola ezindlini ngenxa yokungabikho kukagesi. Baveze ukuthi akukho zimpawu ezikhombisa ukuthi ugesi uzobuya maduze, nokubashiya bedidekile futhi bekhathazekile. Ngesikhathi uKhansela wakulendawo uZolani Kubheka efika endaweni yesiteleka, umphakathi umtshele ukuthi u-Eskom uyabaziba, yingakho benqume ukuvala umgwaqo…

Read More

AMAPHOYISA ASEKUVUKENI AQINISE UMKHANKASO WOKULWA NODLAME EZIKOLENI

Amaphoyisa aseKuvukeni kanye noPhiko lweYouth Crime Prevention eSifundeni soThukela aqhube umkhankaso wokuqwashisa abafundi ngodlame ezikoleni. Lo mkhankaso wenziwe eSicelukukhanya High School kulandela ukwanda kwezigameko zobubhoklolo nokuhlukumezana phakathi kwabafundi. Amaphoyisa akhulume ngokubaluleka kokuziphatha kahle, ukuhloniphana nokugwema izenzo ezingaholela ebudloveni noma emacaleni obugebengu. Aphinde axwayisa ngemiphumela yomthetho engabhekana nalabo abatholakala benza udlame. Inhloso yalolu hlelo ukwakha ubudlelwano…

Read More

LUBEYIMPUMELELO IDILI LOMCIMBI WOKUBUNGAZA IMIPHUMELO EMIHLE YE STEADVILLE SECONDARY

Bekukuhle kudelile izolo emcimbini wokubungaza imiphumela kamatikuletsheni wesikole iSteadville Secondary obuseDongala Botique eMnambithi izolo. Lesikole sithole u100% futhi nyakenye nokuzinkomba zomgqigqo waso wokwenza kahle kumatikuletsheni. Lomcimbi ubuhanjelwe ngubuholi bezemfundo esifundeni UThukela,abaholi besikole,oThisha kanye nosomabhizinisi baseMnambithi. Osomabhizinisi babe sebethatha ithoba babongela lesikole ngokufaka iminikelo ezolekelela lesikole ukuze sigcine sikulelizinga elikuso.

Read More

AKUKACACI UKUTHI UBULAWELENI OWESIFAZANE ODUTSHULWE EMTSHEZI

Ulusizi umndeni kaNkosikazi Zenzomuhle kaMazibuko Khumalo waseMakekeni e-Estcourt ngemuva kokutholakala eshonile izolo ekuseni. UkaMazibuko wahamba ekhaya ngoMsombuluko ekuseni, ziyisi-9 kuNhlolanja, ngezithuba zehora lesi-9 wathi uya edolobheni eMtshezi eyokhipha imali. Akabange esabuyela ekhaya, nomakhalekhukhwini wakhe wagcina engasatholakali, okwadala ukukhathazeka okukhulu emndenini wakhe. Ngemva kwemizamo yokumthola, ukuthungathwa kwakhe kuphethe ngokuthi atholakale kodwa engasekho emhlabeni. Utholakale ngasesikoleni i-Estcourt…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved