INJABULO KUHLATSHWA ISOYI LOKWAKHIWA KOMGWAQO EMTSHEZI
Kuhlokome ihholo lomphakathi uBhekuzulu Community Hall namhlanje ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni usonkontilela ozokwakha iThulubheke Road Project ngaphansi kukaWard 6. Umhlangano obubizwe uMaspala iNkosi Langalibalele ububanjwe namuhla, kuhlangene umphakathi wakwaWard 6 ngaphansi kobuholi bukaKhansela B. Mshengu. Inkampani iTSW Construction iyona ehlonzwe njengozophatha lo msebenzi wokwakha imigwaqo. Lo msebenzi uzohlanganisa ibanga elingu-8.8km, kanti kulindeleke ukuthi uqale maduze futhi…

