Umhlangano weKomidi le-CoGTA Portfolio Committee yeSishayamthetho saKwaZulu-Natal, obekumele ube namhlanje e-uThukela District Municipality, ugcine uhlehlisiwe ngenxa yokungabibikho kwabanye babaholi bakamasipala.
Umhlangano ubuhlelwe ngaphansi kweSigaba 132, ngenhloso yokudingida imiphumela engemihle yocwaningo lwamabhuku ezimali, ukuphathwa kwezimali kanye nokusebenza kwezokuphatha e-uThukela District Municipality.
Kuthiwa iMeya kaMasipala uThukela, iNkosi NB Shabalala, igule kungazelelwe, kwadingeka ukuthi iphuthume ukuyothola usizo lwezempilo.
Kanti iPhini leMeya, uMhlonishwa Mbuzeleni Mkhize, kubikwe ukuthi ubeseThekwini futhi akakwazanga ukufika emhlanganweni. Ngesikhathi ecelwa ukuthi ajoyine umhlangano nge-Zoom, kuthiwa uthe unokunye asezibophezele kukho angeke akwazi ukukushiya.
Ngenxa yalokhu, umhlangano uhlehliselwe olunye usuku olungakadalulwa.
