UMasipala Inkosi Langalibalele, oholwa uMhlonishwa uMduduzi Myeza, ubambe umcimbi wokugubha iMen’s Month, lapho kuhlonishwe khona abesilisa abaqhubeka nokusebenza, ukuhola nokufaka isandla ekuthuthukiseni umasipala nemiphakathi.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abasebenzi besilisa kanye namaKhansela, lapho kugxilwe khona ekubongeni ukuzinikela kwabo kanye negalelo labo emsebenzini wokusebenzela umphakathi.
Lo mcimbi ube nencazelo ekhethekile njengoba le term yeminyaka emihlanu isisondela esiphethweni. Bekuyithuba lokubheka emuva ohambweni eseluhanjwe, izinkumbulo kanye nomsebenzi owenziwe ngamaKhansela nabasebenzi.
Bekukhona nezingxoxo, ukuhleka, ukubonga kanye nokuchitha isikhathi ndawonye njengamadoda.
Umasipala uphinde wabonga amaKhansela ngohambo asebehambile kule term, wathi abasebenzi boMkhandlu nabo bafanelwe ukunconywa ngomsebenzi abawenze ngokuzikhandla nangokuzimisela ekuletheni intuthuko kubantu.
