UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uMnuz uThamsanqa Ntuli,uhlanganise amehlo nomndeni weKhansela likaMasipala weTheku , uKhansela Sibusiso Khwela, obulewe wadutshulwa ngendlela eyisihluku ehhovisi lakhe phambi kwamalungu omphakathi.
UNdunankulu uNtuli udlulise amazwi enduduzo ajulile emndenini wakwaKhwela,waphinde wazwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngokulahleka kwempilo okuqhubekayo ngenxa yodlame, wabe esecela amaphoyisa ukuba asheshise uphenyo lwawo futhi aqinisekise ukuthi umenzi wobubi uyaboshwa futhi ubhekana nomthetho.
UNdunankulu ugcizelele nokuthi iKwaZulu-Natal kumele ibe yisifundazwe lapho wonke umuntu engaphila khona, asebenze futhi akhonze umphakathi wakhe ngaphandle kokwesaba ngezimpilo zabo. Wathi awukho umndeni okumele ulahlekelwe ngumuntu awuthandayo ngendlela eyisihluku nenodlame.
