Amalungiselelo oMkhosi Womhlanga 2026 ayaqhubeka, njengoba uhlelo i-Operation Siyaya Emhlangeni lubanjelwe e-uMsinga High School ngaphansi kukaMasipala uMsinga, esifundeni uMzinyathi.
Lolu hlelo luhlose ukulungiselela izintombi ezizobamba iqhaza eMkhosini Womhlanga, ngokuzihlomisa ngolwazi nangemiyalelo ebalulekile ngaphambi komcimbi.
Ngesikhathi sohlelo, uPrincess Nombuso, oyindodakazi endala kaNdlunkulu Dlamini, wethule inkulumo esemqoka lapho echaze khona lokho okulindeleke ezintombini ezizothamela uMkhosi Womhlanga.
UPrincess Nombuso ugcizelele ukubaluleka kokuziphatha ngendlela efanele, ukuhlonipha amasiko kanye nokulandela imigomo ebekelwe izintombi ezizoba yingxenye yalo mcimbi wesintu.
I-Operation Siyaya Emhlangeni ingelinye lamalungiselelo aqhubekayo njengoba kubhekwa ukuthi uMkhosi Womhlanga walo nyaka uhambe kahle futhi izintombi ziwumele ngendlela efanele amasiko nesizwe.
