Umeya kaMasipala waseNquthu, uKhansela Lindokuhle Shabalala, kanye namalungu omkhandlu behambisana nethimba lezinhlekelele bavakashele indawo yaseHwanqana kuWard 5 ngemuva komlilo wequbula oshise imizi eminingana.
Imindeni yakwaMthabela, yakwaButhelezi kanye neyakwaSithole iphakathi kwalabo abathintekile kulesi sigameko. Ithimba likamasipala lihlole umonakalo ngenhloso yokubheka usizo oludingwa yimindeni ethintekile.

UMnyango Wezinhlekelele kaMasipala waseNquthu unxuse umphakathi ukuthi uqaphele kakhulu ngesikhathi sasebusika njengoba kuyisikhathi esihlaselwa kakhulu imililo yequbula. Abantu ababhemayo banxuswe ukuthi baqinisekise ukuthi izinqamu zikagwayi zicime ngokuphelele ngaphambi kokuzilahla.
UMeya Shabalala uthe umkhandlu uhlale ukhathazekile ngesikhathi sasebusika ngenxa yobungozi bemililo. Ucele abazali ukuba baqaphe izingane futhi baqinisekise ukuthi azidlali ngezinto ezingadala umlilo, ukuze kuvikelwe izimpilo zabantu kanye nempahla yabo.
