Inhlangano yamaloli kanye namabhasi ahambela amazwe ahlukene ezwenikazi iAfrika,Okuyi African Unite Border Bus Truck Association (AUBBTA) isola uhulumeni waseZimbabwe ngokuphazamisa umnotho kanye nokubukela phansi uhlelo lokuhwebelana olwaziwa ngeAfrican Continental Free Trade Area,ngemuva kwesiminyaminya esisemngceleni Beitbridge Border eMusina ekuqaleni kwalelisonto.
Kubikwa ukuthi abashayeli bamaloli bake babambezeleka,emugqeni ubude bawo ulinganiselwa kumakhilometer angamashumi amabili.Lomugqa omude kuthiwa ubangwe uhlelo lokuqinisekisa amaphepha olushaya ngonyawo lonwabu ohlangothini lwaseZimbabwe.
Izolo ababhekele umgcele iBoarder management authority baqinisekise ukuthi aseqalile ukunyakaza lamaloli .usihlalo walenhlangano uMukhwathi Phumudzo ,uthi lokhu kubambezeleka kungenzeka ukuthi kubangelwe ukubuyiselwa kwabantu bakuleliyalizwe besuka kuleli
