Amaphoyisa aseMondlo, eVryheid, abophe owesilisa oneminyaka engu-38 kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane emotweni endaweni yaseMabona.
Umufi, uThandazile Mavis Thwala, kuthiwa ubehamba nalomlisa, okusolwa ukuthi ubeyisoka lakhe. Ngokwemibiko, uThwala wahamba naye ngemoto ngemuva kokuthi emthembise ukuthi bazophuma beyozithokozisa njengezithandani. Kusolwa ukuthi lomlisa wamklinya ngentambo, wase efihla isidumbu sakhe ngemuva emotweni yakhe.
Ukuhamba kwesikhathi, kuthiwa lomlisa waphinde walanda nendodakazi kamufi, eneminyaka engu-24, wayisa endaweni yaseMabona. Wayitshela ukuthi usayothenga uphethiloli, kodwa wahamba akangabuya. Indodakazi kuthiwa yagcina ithole isidumbu sikanina emotweni yase ibikela amaphoyisa.
Umlisa lo useboshiwe futhi ubhekene necala lokubulala. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ukuze kutholakale kabanzi ngokwenzekile.
