Abasebenzi ababili boMkhandlu waseMsunduzi baphunyuke kunzima esigamekweni esiyingozi ngesikhathi kuthelwa uitiyela elishisayo phezu kweloli labo ngesikhathi besengaphakathi kulona. Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu eplazini elipheka itiyela eCopesville, ePietermaritzburg. UNkululeko Ngcobo noKhethamazwi Nzimande bebeseplazini ukuyolanda itiyela ebelizosetshenziselwa ukulungisa imigodi emigwaqweni.
UNgcobo, ongumshayeli weloli oneminyaka engu-16 esebenza embonini, uchaze lesi sehlakalo njengokokuqala ngqa embonini yakhe. Ubonge kakhulu ukuthi baphume bephila, wathi yena noNzimande bafuna ubulungiswa ngalesi sigameko ngoba besingagwemeka. Bathole usizo lokuqala kubasebenzi beMuch Asphalt ngaphambi kokuthathwa basiwe esibhedlela. UNgcobo ulimele ezinqeni, ezandleni nasezinyaweni, kanti uNzimande ulimele ezandleni nasezinyaweni.
Lesi sehlakalo senzeke ngesikhathi kwenzeka iphutha lokuvulwa kwembobo ethulula itiyela kanti iqondene ngqo nekhanda leloli ebebekulona, okuholele ekutheni itiyela elishisayo uthelwe phezu kwalo. UNgcobo uchaze lomzuzu njengowesabekayo, echaza ukuthi uphahla lwehla ngokushesha futhi itiyela elishisayo laqala ukungena efasiteleni leloli. Naphezu kobunzima besimo, uNgcobo wazama ukudumisa iloli elisesuse kulendawo kodwa kwacaca ukuthi sekuthanda ukonakala vele.
UMkhandlu waseMsunduzi uqinisekise lesi sehlakalo, wathi luyaqhubeka uhenyo lwangaphakathi ukuze kuhlaluke ngempela ukuthi kwenzekeni. Inkampani iMuch Asphalt, ebiphethe isiza, ithe izokhuluma uma kuphela uphenyo.