Abathengi besitolo uSpar Bergville sebezwakalise ukukhathazeka ngokudayiselwa ukudla osekonakele.
Namuhla umthengi othathe isithombe sesinkwa esesikhuntile uye wabhala kufacebook ebuza ukuthi kanti konakelephi ngalesi sitolo, lokhu ukwenza nje kungekudala omunye wezakhamizi naye wayekhala ngokudayiselwa ikhekhe islice pudding esonakele.
Ngemuva kokuthi abhale kube sekuvela abaningi bekhalaza ngezinto nabo abazithengayo kulesitolo ezingalungile, “Futhi meku nguSpar banginika ukudla okumuncu ngakushiya emnyango kwakuze kunamagwebu” kubhala omunye wabathengi kuFacebook. Kanti omunye ukhale kakhulu ngenyama yakulesi sitolo, ” Ngathenga itray lenyama, mangifika ekhaya liyanuka wathi umfana wasekhaya ukudla akulahlwa uzoyibilisa achithe amanzi into eyayinuka endlini ngiyayisaba sagcina sesiyinika izinja”.
Iphephandaba libe selithinta iMenenja yakhona eSpar uMarshal ngalesi simo ozivikele wathi kungenzeka lezi zigameko zidalwe amazinga aphezulu okushisa. Lemenenja ithe banendlela abayilandelayo yokuqinisekisa ukususwa kwezinto esezidlulelwe yisikhathi emashalofini, kodwa uyacela kubathengi uma kwenzeka behlangabezana nalesi simo bebuyise esitolo ukuze bethole into elungile negculisayo. Ube esexolisa kakhulu kumakhasimende abo wathi bazosilungisa lesimo ngokuphuthuma.