Inkampani yaseNingizimu Afrika i-Econo Cement isolwa ngokuba nomkhiqizo ‘ongekho ezingeni’ yinhlangano ebhekelele ukuthi abantu bakuleli bathengiselwa impahla esezingeni iNational Regulator for Compulsory Specifications (NRCS).
Lenhlangano icele abathengi nezitolo ezidayisa impahla yokwakha ukuthi babambe iqhaza ekubuyisweni komkhiqizo we-Econo Cement “CEM V/A S-V 32.5 N” ngemuva kophenyo luthole ukuthi losimende awukho ezingeni lokusetshenziswa.
Isikhulu esiphezulu se-NRCS, uDuncan Mutengwe, uthe lesi sinyathelo sizosiza umphakathi ukuqinisekisa ukuthi umkhiqizo awubeki engcupheni abantu baseNingizimu Afrika kanye nomnotho wonkana.
“Bekufanele ibe ngu-32.5 N [usimende osetshenziswa kakhulu onamandla okuqala ajwayelekile], kodwa ukuhlola kwethu kuthole imiphumela iphansi kakhulu. Abathengi badinga ukwazi ngoba inezici ezibucayi zokuphepha ezixhumene nayo,” kuchaza uMutengwe
Uthe i-NRCS iyalele inkampani ukuthi iyeke ukukhiqiza lomkhiqizo, futhi lenhlangano izophinde ishaqe zonke izitoko ezisemashalofini njengamanje.
Kunxuswe nomphakathi ethenge loluhlobo lukasimende ukuthi ulubuyisele emumva esitolo lapho eluthenge khona ukuze ujikiswe.