Kunokunyakaza kwezepolitiki kuleli njengoba lowo owayenguMengameli uJacob Zuma kulindeleke ukuthi enze isimemezelo esikhulu ngekusasa lakhe kwezombusazwe.
Ngokombiko onikezwe abezindaba ongenalo igama lepolitiki noma uphawu, kodwa inombolo nje yokuxhumana, uZuma kulindeleke ukuthi adalule okukhulu e-Ipelegeng Community Centre eJababvu, eSoweto ngoMgqibelo.
“UMengameli uZuma uzokwenza isimemezelo esikhulu ngekusasa lakhe kwezepolitiki kanye nakwabezindaba
“Wozani nizozibonela ukuqala kwesahluko esisha kwezombusazwe njengoba siklama ikusasa leNingizimu Afrika entsha sonke esisifanele, kuyisiqalo sekusasa elihle,” kusho lesi sitatimende esifushane.
Isitatimende siphinde sithi: “Lena akusiyo iNingizimu Afrika esayilwela futhi abaningi bayifela.”
SEKUQUBUKE izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene ngokuthi uZuma angase aliphonse ithawula eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC).
Ezinye izikhulu zaKwaZulu-Natal zikholelwa ukuthi uZuma umataniswa neqembu eliqanjwe ngophiko lwezempi lwe-ANC, uMkhonto weSizwe (MK).
Kuyaqondakala ukuthi leli qembu selivele libhalisiwe kwi-Independent Electoral Commission (IEC).
Okhulumela iJacob Zuma Foundation, uMzwanele Manyi akazange aveze imininingwane eminingi ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule ngezifiso zikaZuma yiphephandaba lesilungu iThe Citizen.
“I-Foundation ayikhulumi ngepolitiki yoMsekeli wethu, u-HE President Zuma.”
UZuma oneminyaka engu-81 obhekene namacala amaningi ezinkantolo waphoqeleka ukuthi esule esikhundleni sakhe njengomengameli wezwe ngoFebhuwari 14, 2018. UMengameli Cyril Ramaphosa wamthatha ngakusasa.
Ukwesula kukaZuma kulandele amasonto amaningi engcindezi yomphakathi yokuthi ehle esikhundleni ngenxa yezinsolo zenkohlakalo osekunesikhathi eside kukhulunywa ngazo.
I-ANC yamcela ngokusemthethweni uZuma ukuthi ehle esikhundleni kodwa waqale wanqaba wathi akaqondi ukuthi kungani kuthiwa akashenxe esikhundleni.
Ngokuhamba kwesikhathi leli qembu lamemezela izinhlelo zokubamba ivoti lokungamethembi ephalamende.
UZuma uthathwa njengomunye wezingqalabutho ze-ANC, wahlala iminyaka engu-10 ejele laseRobben Island kanye noNelson Mandela.