iNingizimu Afrika izothola ugesi ngokuphelele kuleliviki lonke ngokusho kwabakwa- Eskom.
Esitatimendeni esifushane kwabezindaba ngeSonto, uDaphne Mokwena wakwa-Eskom uthe lokhu kungenxa yentuthuko eqhubekayo emandleni okuphehla.
“I-Eskom izoqapha ngeso lokhozi uhlelo lukagesi izwazisa umphakathi uma kwenzeka izinguquko ezinkulu.” Kuchaza uDaphne
Ukucishwa kukagesi kumiswe ngoLwesine ngesonto eledlule, ngenxa kokuncipha kwezinkunga kwiziphehlimandla zakuleli.
Kuze kube manje, abantu baseNingizimu Afrika basale bengenawo ugesi isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-407 746, okuwu-86% ngaphezu kwanoma yimuphi omunye unyaka, ngokohlelo lokucisha ugesi, i-Eskom Se Push.
Khonamanjalo, i-Eskom ikhiphe imiphumela yayo yesikhashana yezinyanga eziyisithupha eziphela ngoSepthemba 30.
Ngokombiko, naphezu kwezingqinamba eziqhubekayo zezimali nokusebenza, u-Eskom uqophe inzuzo enkulu ngemuva kwentela ka-R1.6 billion.
“Imali engenayo ikhule yafinyelela ku-R158.6 billion, inyuke ngo-9.5% isuka ku-R144.8 billion ngoSepthemba 2022, ngenxa yomphumela omuhle wokunyuswa kwentela onyakeni wezimali ka-2024. Kodwa-ke, amanani okuthengisa ehle ngo-5.9% esuka ku-97.6TWh ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule waya ku-91.9TWh,” kusho umbiko.