Indoda eneminyaka engu-55, obefunwa uthuli ngamaphoyisa ngoxhaxha lwezinsolo zokuphanga izimoto ezihambisa imali eKwaZulu-Natal, ibe ngomunye wabasolwa ababili abashone ngesikhathi kudubulana izigebengu namaphoyisa eNew Glasgow eVerulam eKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu kusihlwa.
Ngokwemibiko yalowo lokhulumela amaphoyisa aseKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, lokhu kudubulana kwenzeke ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi ulandela umkhondo emva kokulunywa indlebe.
“Amaphoyisa athole izimoto ezisolisayo ebezilandelana emgwaqeni omkhulu waseNew Glasgow. Ngesikhathi amaphoyisa ezimisa lezi zimoto, ibhaki elimhlophe lashaya lachitha, kuyilapho imoto yesiliva ime kancane kanti umshayeli nabagibeli badubula babhekisa ngasemaphoyiseni. Amaphoyisa aphindisela ngenhlamvu, futhi phakathi nokudubulana, abasolwa ababili bashonile,” kusho uNetshiunda. Kubonakale ukuthi abasolwa babephethe izibhamu ezimbili, isibhamu esincane kanye nesibhamu esikhulu.
“Uphenyo lokuqala luqinisekisile ukuthi isibhamu esikhulu sabe sitshontshwa ngesikhathi kuphangwa imoto ethwala imali eVerulam ngo-August. Isibhamu esincane, esinenombolo esusiwe, sibonakale njengesathathwa emaphoyiseni.”
UNetshiunda uthe umsolwa oneminyaka engu-55, okungakaziswa igama lakhe, wayenezincwadi zokuboshwa ezikhishwe yiNkantolo yeMantshi yaseNewcastle ngo-May ngenxa yecala lokuhlela ukuphangwa kwemoto ethwala imali ngo-May 2022.
“Uphinde wahlanganiswa namacala okuphanga izimoto ezihamba nemali okungenani angama-23.”
Uphenyo lokuthungatha abanye abasolwa ababalekile emaphoyiseni lusaqhubeka.