Inhlanganiso yePolice and Prisons Civil Rights Union ithi kumele kubekwe icala lokugcwala emajele ezinkantolo zelizwe. UNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uPieter Groenewald uthe balinganiselwa ku-60 000 abantu abadonsa kanzima ejele ngenxa yokuthi abanayo imali yebheyili.
Ungqongqoshe uthe kwesinye isikhathi imali yebheyili iba yikhulu lamarandi kuphela.
UGroenewald udalule lesi sibalo ngesikhathi ethula isabelomali somnyango wakhe ePhalamende kuleli sonto.
Okhulumela iPopcru uRichard Mamabolo uthi ukugcina iziboshwa ezisalinde ukuqulwa kwamacala ezitokisini kuwumsebenzi obizayo.
“Ezinye zezinqubo zasenkantolo zizothatha isikhathi eside, okusho ukuthi iziboshwa zizogqunywa ezikhungweni zethu.
“Empeleni kunenqwaba yamalungu asenesikhathi eside equliswa amacala angakashushiswa noma adedelwe okusho ukuthi amajele athwala kanzima ngezindawo zokulala futhi awanakekele.