Umcimbi wezindondo, ama-Crown Gospel Music Awards, uzoqhubeka ngoNovemba, nakuba umhleli wawo uZanele Mbokazi (52) eseshonile ngoMsombuluko ekuseni ngenxa yomdlavuza wamaphaphu. UZanele ubesematasa elungiselela lo mcimbi, futhi kubikwa ukuthi wawuhlelwe ukuba ubuyelwe eKwaZulu-Natal kulandela unyaka owawubanjelwe eGauteng.
Umthombo osondelene nomndeni uthe, nakuba uZanele engasekho, izinhlelo zakhe zizophothulwa, futhi umcimbi uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe. Uveze ukuthi uZanele uphumule ngoMsombuluko ngemuva kokuba isimo sakhe sishintshe saba sibi kakhulu esontweni eledlule.
Isolezwe lihambele emzini wakhe eLa-Mercy, la kugcwele khona izihlobo, abefundisi, nabaculi bezokholo bezobhonga emswaneni. Abaculi abafana no-Ayanda Ntanzi, Jumbo, Sphumelele Mbambo, Dumi Mkokstad, Thina Zungu, noThobekile babekhona bezonikeza usizo lwabo.
Abaculi bemculo wokholo baveze ukudabuka kwabo ngokulahlekelwa ngumuntu obefake isandla ekukhuliseni lo mculo. UMelusi Mbokazi noThobekile baqokonyise igalelo likaZanele ekukhuliseni umculo wetende emicimbini yezindondo, kanti uJumbo Nyangiwe uthe ukuqokwa kwakhe kuma-Crown kwashintsha impilo yakhe nomsebenzi wakhe.
Omakhelwane abaseduze bomndeni batshele Isolezwe ukuthi babengazi ngezimo zikaZanele baze babone izimoto zigcwele ngaphandle komuzi wakhe.
Inkonzo yesikhumbuzo izoba ngoLwesine, kanti umngcwabo uzoqhubeka ngoMgqibelo, ngokusho komndeni kaZanele. Amaqembu ezepolitiki nawo adlulisele ukudumala kwawo ngokudlula emhlabeni kukaZanele.