Lilokhu liqhubeke njalo nokuthi Uma liduma lithathe osemnyango limbeke emsamu kwezemidlalo eziqhubeka ezwenikazi lase Ivory Coast.
Lokhu kuza ngemumva kokuba silokhu sikhale njalo isililo kwimidlalo Ka last 16 ku mqhudelwano we afcon olokhu uqhubeke njalo njengoba osukwini lwayizolo ibikhona imidlalo ebiqhubeka. Amehlo ebethe njo ikakhulukazi kulona woso khaya Kanye nalabo abaphethe lesisicoco noma ebebezovikela lesi sicoco esinibhodwe eliconsayo ngoko mklomelo oyohlonyulwa yilowo oyoba inqwele ekugcineni.
Umdlalo obubhekiwe kakhulu osukwini lwayizolo kusihlwa obubanjelwe Stade Charles konan Banny phakathi kwe Senegal Kanye nama Elephant okuyigama abaziteketisa ngalo ezinkundleni, uphele kungekho efuna ukugoba uphondo njengoba zibambane ngo 1_1.
Abafana be Lions of teranga yibona ababone kuqala inethi ukuthi lingakuphi ngo mzuzu wesine nje Umdlalo uqalile ngo nyawo Luka Habib Dialo esizane kahle khona nesithenjwa sangakubo esingu Sadio Mane.
Lapha kunomlando omcane oqophekile njengoba Senegal kube yigoli labo lokuqala lokuthi balishaye kungakapheli imizuzu emine Umdlalo uqalile Uma ngabe sekufikwe kulesisigaba somkhumula jezi kwi midlalo ye afcon, kanti igoli lakhe lesulwe ngu Frank Kessie ngo mzuzu Ka 86 ngesiwombe sesibili.
Umdlalo ugcine uphelele kuma penalty nalapho okuqobe khona osokhaya okuyi Ivory Coast ngo 5_4.
Manje sekunesiqinisekiso sokuthi uyothi uphela Lomqhudelwano kuyobe sekunompetha abasha bawo njengoba Senegal ibone indlela eyafika ngayo kuleliyalizwe.
Ayisithupha manje amaqembu asezibekisele indawo ku last 8 we afcon yakulonyaka
Nigeria, Angola, Guinea, Dr Congo.,Ivory Coast Kanye ne Cape Verde endlule ngegoli elilodwa kwi Mauritania izolo kusihlwa.
Namuhla Mabili Amazwe okumele athathe indawo yawo ku last 8 njengoba imibili imidlalo yokugcina ku last 16.
Mali vs Burkina Faso 19:00
SA vs Morocco 22:00.