INyunyana yezisebenzi i Nehawu ithi iANC mayigakhohlwa ukuthi imele bani njengoba ihola uhulumeni wobambiswano.
INEHAWU ikusho lokhu eBoksburg emhlanganweni lapho ibubhunga khona ngokwenzeke kwezombusazwe selokhu kudlule ukhetho kanye nokucacisa ngobudlelwane bayo neANC ngaphansi kohulumeni we GNU.
Bathi iANC kumele icacise nange step aside ukuthi sisebenza kanjani kulabo ababhekene nezinkantolo, ikusho lokhu nje kuzokhumbuleka kusanda kubonakala leliqembu lifungisa lowo ubenguNgqongqoshe wezemidlalo kuleli uZizi Kodwa obhekene nezinsolo zokukwabanisa.